Kuphenywa onesi abaphasise ukuya esangomeni

2013-07-26 14:20

Durban - Kuphume imibiko ethi onesi ababili emtholampilo osendaweni yasemakhaya KwaZulu-Natal wathi ingane eyabe igula kumele iyiswe esangomeni.

Labo nesi abangosomaqhuzu basemtholampilo ongaseDundee bayaphenywa ngalezi zinsolo, kusho okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uMbali Ntshingila.

UNtshingila ukuqinisekisile ukuthi kuyaphenywa kepha wanqaba ukunaba.

"Sisaphenya okwamanje ngeke sikwazi ukukhipha imininingwane etheni.”

Labo nesi basaqhubeka nokusebenza, kanti kuyinto ephambene nomthetho ukuthi onesi badlulisele iziguli ezangomeni, esho.

Umlimi, uPaul Theunissen, uthe omunye wabasebenzi bakhe wamtshela ukuthi ugulelwa yingane nokuthe uma eya emtholampilo kwathiwa akayiyise esangomeni.

Uthe lo wesifazane watshelwa ngonesi ukuba ayise le ngane esangomeni “ngoba abaphansi bamthukuthelele”.

"Sahamba sayolanda ingane esangomeni isibangwa nezibi sayiyisa esibhedlela esizimele nalapho udokotela athola khona ukuthi iguliswa yi-bronchitis," kusho uTheunissen.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...