Kuphenywa odokotela eGauteng
2013-02-08 14:03
Johannesburg - Odokotela baseGauteng abayisithupha, babhekene nekomidi lokuqondiswa kwezigwegwe mayelana nezinsolo ezithi basebenzisa budedengu uhlelo lokusebenza isikhathi esengenziwe, kusho uMnyango wezeMpilo ngoLwesihlanu.
"Ukulalelwa kwekomidi kulandela uphenyo oludonse kusukela ngonyaka owedlule," kusho umkhulumeli woMnyango uSimon Zwane.
Bayisishiyagalolunye odokotela abakade bebhekene namacala, ababili batholakale benamacala kwathi oyedwa lamthetha, laba basebenzela ezibhedlela ezihlanganisa eziseKurhuleni kanye naseChris Hani
Baragwanath Hospital, eSoweto.
Odokotela basabisa ngokuyeka ukusebenza ama-over time, bethi uMnyango uyabakweleta.
Umbiko wephephandaba iThe Star uthi odokotela bakhokhelwa imali elinganiselwa ku-R822 583, ngokusebenza isikhathi esengeziwe, phakathi kukaMashi 2010 no-Ephreli-2011
Omunye wodokotela wakhokhelwa u-R698 765, okuyimali engaphezulu kakhulu kulokhu ekwakufanele akuthole.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA