Kuphenywa ngowabulawa yiphoyisa egqekeza
2013-02-21 16:23
Johannesburg - Kuyaphenywa ngesehlakalo sokudubula, esenziwa yiphoyisa laseCenturion, elakhipha isitatimende lithi lidubule umuntu obezama ukugqekeza emzini walo ose-Eldoraigne.
"Iphoyisa laphaphama ebusuku lazithela kwizigilamkhuba ezazigqekeza, labe selidubula," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Katlego Mogale.
Kwashona isigelekeqe esisodwa, omunye walimala nokho wakwazi ukubaleka ngemoto yohlobo lwe-Opel Corsa.
"Kuphenywa icala lokubulala kanye nelokugqekeza," kusho uMogale, ongadalulanga okuningi ngephoyisa elibandakanyekayo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).