Kuphenywa ngombhalo emotweni yamaphoyisa
2013-02-04 10:01
Johannesburg - Amaphoyisa aphenya ngesigqebhezana esinamathisilwe emotweni yamaphoyisa, esinesithombe sesibhamu esiyi-rifle nesifundeka sithi - "You
can run but you will die tired" (Ungabaleka kodwa uyofa ukhathele).
Iphephandaba iThe Star likhiphe lo mbiko ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa aseNorth West uBrigadier Thulani Ngubane, uthi amaphoyisa athukile uma ebona lesi-sticker, sinamathiselwe emotweni yamaphoyisa.
"Sizokwenza uphenyo ngenhloso yokuthola ukuthi ngubani osebenzisa imoto lena, kuzobe sekuthathwa izinyathelo."
Umbiko uqhubeka ukuthi iveni yamaphoyisa lena, yabe ipakwe budebuduze nendawo yesehlakalo la kwadutshulwa khona abavukuzi basemayini yaseMarikana, mhlaka-16 Agasti.
UNgubane uthi akuvumelekile ukuhlotshiswa kwezimoto zamaphoyisa.
Umhlaziyi esikhungweni iSA Institute for Security Studies, uJohan
Burger, uthi ukufakwa kwalesi sigqebhezana kuphambene nomthetho, uthi kwenzeke ngesikhathi esimbi la khona amaphoyisa ebhekene nekomidi likaFarlam, elizama ukuthola iqiniso ngalokho okwenzeka eMarikana.
"Kucacile ukuthi kukhona owephula umthetho ngokufaka lesi sigqebhezana, kukhona umlayezo ozama ukudluliswa isigqebhezana."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA