Kuphenywa ngodokotela mbumbulu

2012-01-13 08:14

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi ufuna ukwazi ukuthi udokotela mbumbulu wavunyelwa kanjani ukusebenza njenge-neurosurgeon lapha eNingizimu Afrika, kubika iSowetan.

UMotsoaledi, ochaze lesi sigameko njengesisabisayo, usebizele iHealth Professions Council of SA umhlangano ophuthumayo lapho azimisele khona ngokuthola izimpendulo.

UNgqongqoshe uthathe izinyathelo kulandela umbiko weSowetan mayelana nalo dokotela oxoshiwe kulandela ukuthi kutholakale ukuthi akayena udokotela wangempela.

UMnyango wezeMpilo eGauteng kumanje ufuna izaluleko zomthetho ngalolu daba.

Nakuba lo dokotela mbumbulu onguNyunyi Wambuyi Katumba axoshwa eBotswana naseZimbabwe, ongowaseDemocratic Republic of Congo, useqashwe yizibhedlela cishe ezintathu kuleli laseNingizimu Afrika.

Izibhedlela- iBaragwanath esiseSoweto, iSteve Biko Academic esePitoli kanye neMediclinic Medforum nayo esePitoli - sezamxosha nazo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...