Kuphenywa ngesigejana esibulala izitabane

2012-11-15 10:01

Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng akholelwa ukuthi kungenzeka ukuba iqembu lemigulukudu liyathinteka ekubulaweni kwezitabane eziyisishagalombili, kubike iThe Star ngoLwesine.

Amaphoyosa abikele iphephandaba ukuthi kukhona osolekayo emacaleni amane, nokuthi iqembu elithile lemigulukudu liyathinteka kulokhu kubulala.

UMajor-General Norman Taioe, oyinhloko yabaphenyi egatsheni eliseGauteng, uthe ithimba labaseshi liphenya wonke la macala ngenhloso yokuthola abanye abasolwa.

Leli qembu lezigebengu kusolakala ukuthi lalijwayelana nazo izisulu kuqala ukuze zilethembe.

Uma sekuvakashelwana emakhaya, babezibulale bazebele.

Kuboshwe abesilisa abathathu ngempelasonto ngokubulawa kukaBarney van Heerden, nosekuphele unyaka abulawa.

Laba abathathu bavele eNkantolo yeMantshi eGoli ngoMsombuluko.


 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...