Kuphenywa ngempatho e-Addington
2012-08-01 10:03
Durban - Sekuqalwe uphenyo mayelana nempatho yasesibhedlela i-Addington eThekwini, kulandela ukuthi umndeni ukhalaze ngokushona kwelungu lawo elatholakala selifakwe esikhwameni esithwala izidumbu.
Iphephandaba iDaily News ibike ukuthi umndeni kaValerie Nortje, 67, uthi wamngenisa esibhedlela ngemuva kokuhlatshwa wukugula, umndeni uthe uNortje watshela indodakazi uHaley van Niekerk ukuthi akaphathekile ngendlela esibhedlela.
UVan Niekerk uthe ngemuva kokuthi unina ashone bafonelwa yisibhedlela, base benikela khona kungakapheli sikhathi, uthe bamfica esefakwe esikhwameni, sekulaliswe omunye embhedeni wakhe.
Indodakazi ithe yatshelwa ngudokotela wathi
“iziguli ezikule minyaka, kumele zishone ngesizotha. Kwenziwa konke okufanele kwenziwe bese kuvalwa isicabha ashiywe ukuthi azishonele.”
Inhloko yoMnyango wezeMpilo esifundazweni uSibongile Zungu uthe lukhona uphenyo olwenziwayo, uthe abasebenzi bayaphika ukuthi uNortje washiywa yedwa kuze ezoshona.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24