Kuphekwa itulo lokubuya kukaMalema
2012-05-07 10:33
Johannesburg - Amathemba
kaJulius Malema okushaya ibuya kwezepolitiki asenyuswe ukumiswa kwembangi yakhe
ophikweni lwentsha lwe-ANC, kubika iThe Times.
UPule
Mabe, onguMgcinimafa Jikelele wophiko lwentsha, ushaywe ngesithende ngoMgqibelo
kulandela izinsolo zokuxhaphaza izimali.
Lokhu
kususe umsindo emhlanganweni wekomidi eliphezulu le-ANCYL kwaze kwabizwa
amaphoyisa kamasipala.
UMabe,
oyilungu labangamfuni uMalema kulolu phiko, kubikwe ukuthi ubekhankasela ukungena
esikhundleni sikaMalema.
Abalandeli
bakhe uMabe bathi uhlelo olulandeliwe oluholele ekumisweni kwakhe
aluhanjiswanga ngendlela.
Ohamba
phambili kwabangase bangene kwesikaMalema, uRonald Lamola, noyiphini
likaMalema, kanti usekwa nanguyena uMalema uqobo.
Uphiko
lwentsha kulindeleke ukuba lumemezele ngokusemthethweni ukumiswa kukaMabe ngoMsombuluko
luphinde lukhiphe nosuku lomhlangano ophuthumayo wesigungu esiphezulu.
Umhlangano
ozocacisa ngomhlahlandlela mayelana nokumele kwenziwe ngodaba lukaMalema,
njengokuzama ukumsiza ngokwepolitiki noma okumele kulandelwe ukukhetha ozongena
ezicathulweni zakhe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24