Kuphazamiseke ugesi eFree State

2012-08-08 16:45
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Abantu baseSterkfontein, iseSwimburn kanjalo naseHarrismith, eFree State bazolala bengenawo ugesi njengoba uphazanyiswe yisimo sezulu, kusho abakwa-Eskom.

Okhulumela inkampani esifundazweni uStefanie Jansen van Rensburg ubike ukuthi abantu abalinganiselwa ku-46 baseSterkfontein nabangu-183 baseSwinburn, bathole ukuphazamiseka.

"Sizoqinisekisa ukuthi ugesi ubuyiswa ngokushesha.”

Inkampani ithe ukwemboza kweqwa kwenza kube nzima ukuhlonza ngendlela inkinga.

UJansen van Rensburg uxwayise abahlali wathi kumele bawuqaphele ugesi ngoba ungabuyiselwa esimweni sawo nanoma yinini.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-19°C Showers late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...