Kuphangalale 6 engozini eW Cape
2012-07-04 12:04
Cape Town - Kushone abantu abayisithupha kwathi abangu-12 balimala ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo igingqika ngase-Aberdeen, eWestern Cape, kusho abethimba lezinhlekelele ngoLwesithathu.
Okhulumela leli thimba uKeri Davids uthe leli tekisi beliya eKapa ngesikhathi ligingqika eKaroo, ngabo-05:00.
Kushone amadoda amane nabesifazane ababili endaweni yesehlakalo.
Amadoda amathathu alimale kanzima, kanjalo nabezifazane abathathu kwathi abantu abayisithupha bathola imihuzukwana.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA