Kuphakanyiswe uMotlanthe eLimpopo

2012-12-06 12:03

Polokwane - I-African National Congress eLimpopo, seyiqoke uSekela Mengameli uKgalema Motlanthe, ukuthi kube nguye obekwa njengomengameli weqembu, enkomfeni yezikhundla ezobanjelwa eMangaung.

UMotlanthe uthole amavoti amaningi kakhulu, eshiya imbangi yakhe uMengameli uJacob Zuma.

UMgcinimafa uMathews Phosa uqokelwe esikaSekela Mengameli, uNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula waqokelwa esikaNobhala Jikelele.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uTokyo Sexwale, igama lakhe liphakanyiselwe esikaMgcinimafa, uNdunankulu waseNorth West uThandi Modise waphakanyiselwa esikaSihlalo kwathi owabe eyiPhini likaNobhala uThenjiwe Mtintso waphakanyiselwa isikhundla sakhe saphambilini.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...