Kuphahlazeke indiza ye-SANDF eDrakensburg

2012-12-06 10:00

Johannesburg -  Kutholakale izicucu zebhanoyi loMbuso eliphakahlazekile eDrakensberg, ngaseLadysmith, KwaZuli-Natal,  kusho umbiko wabakwaSA National Defence Force, ngoLwesine.

Indiza lena ibilibangise eMthatha, isuka enkambini iWaterkloof, ePitoli, kusho umkhulumeli weSANDF uXolani Mabanga.

"Ngaziswe ngokutholakala kwendiza, imininigwano eminingi ibingakatholakali. Ngikhulume kafushane nethimba elisendaweni yesehlakalo," kusho uMabanga.

Kuthunyelwe izindiza zoMbuso endaweni yesehlakalo, nokho ukuthungathwa kwabantu kumisiwe ngenxa yesimo sezulu esingesihle.

Abatakuli abahamba ngezinyawo bayathungatha eLadysmith, enhla nesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Abezindaba ze-Algoa FM babike bathi indiza lena ihlangabezane nenkinga yenjini, kuthiwa bebengu-11 abantu ebebephakathi.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...