Kuphahlazeke indiza eGermiston
2012-09-19 16:34
Johannesburg - Abantu abathathu basinde ngokulambisa ngesikhathi kuphahlazeka indiza maduzane naseRand Airport, eGermiston, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo eGauteng.
"Umshayeli wendiza kanye nabanye ababili bakwaze ukuzikhulula ngemuva kokuphahlazeka kwendiza," kusho okhulumela abakwa-ER24 uVanessa Jackson.
Owesifazane kanye nomshayeli webhanoyi baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene behanjiswa ngezindiza ezinophephela emhlane.
UJackson uthe lona wesifazane uphuke umlenze kwathi umshayeli webhanoyi walimala kambana esifubeni, umgibeli wesithathu uhanjiswe esibhedlela nge-ambulensi.
Okwamanje ayikazeki imbangela yengozi, uJackson uthe lendiza enezihlalo ezine ilimale yaphela.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).