Kunzima konakekela izingane zakubo

2013-02-25 14:04

Johannesburg - Lezi zingane ezine beziphila ngesibonelelo sokukhubazeka esitholwa ngubaba wazo, kodwa zambuleka izinqe zasala zidinga ngesikhathi ubaba wazo eshona.

Ababili kulezi zingane bebethola isibonelelo sikahulumeni kodwa sanqamuka eminyakeni emithathu eyedlule.

Lezi zintandane seziphila ngokukhangezwa ngumphakathi, kanti imvamisa zilala izisu zihlangene nomqolo, kulandisa iDaily Sun.

Umfowabo umdala uSello Mosetlhe, 23, nguye manje osethwele ijoka lokunakekela izingane zakubo.

Kunjalo nje naye akasebenzi futhi akazange asiqede isikole.

USello uhlala nodadewabo abancane ababili u-Annah, 19, noKedibone, 17, nomfowabo omncane u-Alpheus, 9, emjondolo onegumbi elilodwa eStinkwater eHammanskraal, enyakatho neTshwane.

USello uthe usewawagcwalisa amafomu okuthola isibonelelo sezingane zakubo wathi kudala ayegqigqa emahhovisi akwaSassa.

Iphephandaba iDaily Sun likhulume noSteve Mabona wakwaSassa, wabeka kanje: “Isibonelelo sezingane ezimbili savaleka ngenxa yokuthi zaziholelwa ngugogo owashona ngoJulayi 2011. Sizozama ukusiza izingane ngokushesha.'


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 10-21°C Rain late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...