Kunyuswe ezokuphepha kuNzama
2012-09-14 11:02
Durban - UMasipala weTheku usunyuse amasokisi ekuhleleni ezokuphepha kwenhloko yamaphoyisa kalo masipala, u-Eugene Nzama ngemuva kokuhlaselwa komuzi wakhe eNewlands West ngoLwesithathu.
UNzama nomndeni wakhe bebengekho ekhaya ngesikhathi sesigameko.
UNzama ubesenonogada isikhathi esingangonyaka kulandela ukuthola izinsongo zokufa, nokusolwa ukuthi zazivela kwezabemboni yamatekisi.
Iphephandaba iThe Mercury lathola ngoMeyi ukuthi uNzama uqashwa ngamaphoyisa ayisishayalombili kalo masipala.
IMeya uJames Nxumalo uthe ngoLwesine idolobha lizoqinisa ezokuphepha ngenxa yokuthi lokhu kuhlasela kukhombisa ukuthi uNzama akaphephile.
“Uma bekwazi ukumhlasela ekhaya lakhe kuchaza ukuthi kumele simvikele," kusho uNxumalo.
Owamaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe kulinyazwe onogada ababili baphucwa izibhamu ngaphandle komuzi kaNzama.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24