Kunyukile ukuthekelisa ngegazi
2011-03-11 09:55
Johannesburg - Inhlangano i-Aida ithi umkhankaso wokuthekelisa ngegazi usuzuzise i-SA National Blood Service (SANBS) igazi elingu-5000 units.
"Uma ubuka ukuthi i-unit elilodwa legazi lisindisa izimpilo zabantu abathathu, lokho kuchaza ukuthi abantu bakuleli abathekelise ngegazi, banikele ngesipho esikhulu kakhulu," kusho okhulumela le nhlangano u-Esther Odendaal.
"Lo mkhankaso uzoqhubeka njengoba sinxusa bonek abantu abasesimweni esikahle sezempilo ukuthi banikele ngegazi," kusho u-Odendaal.
Oyisikhulu se-SANBS, uYoung Carr, uthe lo mkhankaso usuhehe abantu abaningi ukuthi banikele ngegazi.
- SAPA