Kunyamalale umfana kwacekelwa phansi impahla

2015-09-28 10:02

Polokwane – Kucekelwe phansi izindlu zomxhazo ezimbili, ithaveni kanye nemoto ngempelasonto eWestenburg, ePolokwane, ngesikhathi izakamuzi zivuka umbhejazane ngemuva kokunyamalala komfana, kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa athole ukulimala okungatheni kwaphinde kwacekelwa phansi izimoto ezimbili zawo ngesikhathi izakhamizi zibashaya ngamatshe, kusho u-Colonel Ronel Otto.

ULesiba Maphosa, 11, wagcina ukubonakala ngoLwesithathu olwedlule. Wayenabangani bakhe ngesikhathi ethathwa umuntu ongaziwa owayemcele ukuba amsize amthengele i-airtime.

Funda nalolu daba: Kugcine kumenele owadutshulwa owayeyisoka lakhe

Kodwa akaphindanga wabuyela ekhaya.

Izakhamuzi zisola umngani womndeni kaMaphosa ngokuba nesandla ekunyamalaleli komfana, zabe sezishisa impahla yakhe.

Bekungakaboshwa muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...