Kunukwa iphoyisa kwelokuqhunyiswa kwama-ATM

2012-12-27 14:32

Johannesburg - Iphoyisa likaMasipala waseTshwane, 29, liboshiwe ngemuva kokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe neziqhumane ezisetshenziswa uma kubhonjwa ama-ATM.

Leli phoyisa liboshwe e-Akasia ngoMsombuluko ngesikhathi ethole ucingo ngesigameko sodlame lwasekhaya.

Kusolakala ukuthi libhunyele isoka lalo ngamanzi abilayo, laphuthunyiswa esibhedlela.

Amaphoyisa esekulo muzi abone iToyota Quantum engenazihlalo.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Mathews Nkoadi uthe amaphoyisa abe esesesha le moto nokutholakale ukuthi yadunwa ngoSepthemba eLoate, eNorth West.

Amaphoyisa aphinde athola isibhamu, izinhlamvu neziqhumane ezintathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-29°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 15-25°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...