Kunomkhonyovu ngobulungu be-ANC e-E Cape
2012-11-07 08:19
Johannesburg - I-ANC eEastern Cape ikholelwa ukuthi kunomkhonyovu okhona ohlelweni lwezibalo zamalungu nokuthi kudingeka kwenziwe izinguquko ezithile, kubike iDispatch Online ngoLwesithathu.
Isifundazwe sizofaka isicelo engqungqutheleni yeqembu ezoba ngoDisemba eMangaung sokuba kusetshenziswe uhlelo lwamakhadi oluzosiza amalungu amasha eqembu abe nobufakazi bobulungu, kusho okhulumela i-ANC esifundazweni, uMlibo Qoboshiyane.
Isifundazwe silahlekelwe amalungu angaphezulu kuka-35 000 ngemuva kocwaningo lwamabhuku.
UQoboshiyane uthe uhlelo olusetshenziswayo okwamanje luyenzeka umkhonyovu njengoba imininingwane yamalungu igcinwa wonobhala bamagatsha okungenzeka banyamalale nayo.
Lokhu kwenza kube nzima ukubamba imihlangano yamagatsha ngoba akukho okucacisa ngokweqiniso ukuthi obani okumele babambe iqhaza emihlanganweni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA