Kunokuthula KwaMashu - Amaphoyisa

2012-12-05 12:03

Durban - Kunokuthula elokishini laKwaMashu, esigcemeni sakwa-A, ngemuva kokuthi kubanjwe ukhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Vincent Mdunge uthe akukho zigameko ezibikiwe ezihambisana nodlame lwezombusazwe.

Alinganiselwa ku-133 amaphoyisa abetshalwe ku-Ward 39, ohlaselwe yizigameko zokubulana phakathi kwabalandeli beNkatha Freedom Party nabeNational Freedom Party.

Amaqembu abhekane ngeziqu zamehlo kusukela ngenyanga ka-Agasti, okungenani ayisihlanu amalungu e-IFP asebulewe, kwabulawa nendodana yomholi we-NFP.

I-ward ibiphethe yikhansela leNkatha uThemba Xulu, owabulawa kwatholakala isidumbu sakhe eNanda, mhlaka-7 Okthoba.

UXulu wabe ekade ethunjwe emzini wakhe, ezinsukwini ezimbili ezedlule.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Morning clouds. Mild. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...