Kunokugxambukela kwezepolitiki eSABC - Incwadi

2012-12-10 10:04

Johannesburg - Incwadi engaziwa nekusolakala ukuthi ibhalwe yizintatheli zeSABC, ophrojusa kanjalo nabethuli bezinhlelo iveza ukuthi kunokugxambukela kwezepolitiki kulo msakazeli womphakathi, kusho umbiko ngoMsombuluko.

Iphephandaba iThe Times libike ukuthi le ncwadi iveza ukuthi izintatheli "ziyajeziswa" ngokungabiki ngendlela ngoMengameli Jacob Zuma.

Le ncwadi engasayinwanga, ngoba abamangali besabela ukuhlukunyezwa, ibhalelwe ibhodi leSABC nalowo oyibamba lenhloko yezindaba uJimi Mathews.

"Ukungazi ukuthi kumele siwenze kanjani umsebenzi sekuvuse ukwesaba nokutatazela kuthelevishini nasemisakamzweni nosekwenza ukuthi lungabi khona ugqozi lokusebenza kwabezindaba," kusho le ncwadi.

Ngokwaleli phephandaba, le ncwadi iqukethe izinsolo zokuthi ezinye zezinhlelo ziyakhishwa emoyeni ngemuva kokumenyezelwa ukuthi zizodlala, kumiswe nezingxoxo izivakashi sezifikile.

Izintatheli ezibika ngezombusazwe ziyamiswa emisebenzini ngaphandle kwencazelo.

Kube nesikhalazo sokuthi izindaba ezithinta lowo owayengumengameli we-ANC Youth League uJulius Malema "ziphathwa ngendlela ehlukile".

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago ukuphikile ukuthola le ncwadi wathi abazi lutho ngalezi zikhalazo okukhulunywa ngazo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe kwabulawa izigebengu eGoli

Emizuzwini eyi-30 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 9-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-31°C Sunny. Warm. PE: 13-18°C a few showers. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...