Kuningi okuyodingidwa eMangaung - Mantashe
2012-12-14 10:02
Johannesburg - Ingqungquthela ye-ANC ezoba seMangaung akuyona nje eyokuqoka abaholi kuphela, kusho uNobhala Jikelele wenhlangano uGwede Mantashe ngoLwesihlanu.
"Le nkomfa akuyona nje eyokuqoka ubuholi kuphela njengoba kwenziwa," kusho uMantashe ekhuluma ohlelweni oluhlelwe yiThe New Age, nebisakazwa kuSABC2.
Le nkomfa ihambisana nemigomo nokuqokwa kobuholi obuzosebenzisa leyo migomo, esho.
Lowo oyinhloko yemigomo ku-ANC uJeff Radebe uthe imiphumela yale nkomfa izothinta wonke umuntu kuleli.
UMantashe uthe inhlangano yayiyimbumba ekulwisaneni nobandlululo, kodwa kwathi izinto seziqala ukulunga, kwakhona abeza nezinye izingqondo ezingasile.
URadebe uthe le nkomfa izosusa "ukubola", bese igcina imigomo nabantu abasebenzela iqembu kunephakethe labo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA