Kungenzeka yephule umthetho iSABC - FXI

2012-11-28 12:04

Johannesburg - Kungase kwenzeke ukuthi kuphambene nomthetho wokukhuluma ngokukhuleka ukuhoxiswa kwesikhangisi esinoMengameli Jacob Zuma, okwenziwe yisikhondlakhondla esisakaza ngomoya iSABC, kusho abakwaFreedom of Expression Institute (FXI).

"Siyi-FXI sibona sengathi kungenzeka ukuthi iSABC inqinda amandla okukhuluma ngokukhululeka njengoba ihluleka nokuchaza kuzwakale ukuthi kungani ihoxise ukusakazwa kwesikhangisi," kusho isitatimende sakwa-FXI.

"Iyakhathaza lento njengoba kungasikho okokuqala iSABC ihoxisa isikhangisi, kungatholakali nencazelo eqondile."

I-FXI ithi kumele le nhlangano yezokusakaza ibeke obala ukuthi isinqumo sayo asikhethi iphela emasini.

Imibiko yabezindaba ithe iSABC ivale lesi sikhangisi ngoba ibona sihlambalaza umengameli.

Inkampani ehlanganise lesi sikhangisi iMetropolitanRepublic Group, ithe itshelwe ukuthi lesi sikhangisi sizovalwa ngenxa yokuthi "sehlisa umengameli isithunzi".

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago uthe bakhathazekile ngemibiko yabezindaba njengoba bemise lesi sikhangisi.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-18°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...