Kungenzeka ukuthi udokotela wayazi ngamayengandoda
2013-02-27 14:05
Durban - Udokotela waseMhlanga obhekene necala lokuba nesikhungo sokudayisa ngomzimba, kungenzeka ukuthi wayazi ukuthi amantombazane ayahlala kulesi sikhungo ayengamayengandoda, kubika iThe Mercury.
Ufakazi woMbuso uYvonne Dudu Shinga, uveze lokhu ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ngummeli kadokotela u-Anand Nepaul, ngoLwesibili.
Udokotela uGenchen Ragnath, osebenzela ePhoenix, yena nomkakhe uRavina kanye nabanye abathathu, babhekene necala lokushushumbisa amantombazane aphendulwa amayengandoda, bonke bayawaphika amacala.
URagnath ungumqondisi wenkampani iValor-Trade, okuyiyo engumnikazi we-Inntown Lodge, la kwakuqhubeka khona umkhuba wokudayisa ngomzimba.
“Ngabe ngiqinisile uma ngithi uRagnath nonkosikazi wakhe babengazi ukuthi kuqhutshwa umkhuba wokudayisa ngocansi?" kubuza uNepaul.
UShinga uphendule wathi:
“Wayazi ukuthi kunamantombazane ahlala endaweni yakhe, angeke ngasho ukuthi wayazi ngomkhuba wokudayisa.”
UShinga uthi akekho umuntu oneminyaka engaphansi kwengu-20 ubudala, owayevuyelwa ukuthi aqashe igumbi kule ndawo, uthi abaneminyaka engaphansi kwengu-18 ubudala, babangena kuphela uma behamba nabazali.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24