Kungase kuphenywe uNathi Mthethwa

2013-02-25 16:21

Johannesburg - UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, uhlela ukuphenya uNgqongqoshe woMnyango wamaPhoyisa uNathi Mthethwa, ngezinsolo ezithi usebenzise budedengu amandla, kusho inhlangano i-AfriForum.

Isikhulu esiphezulu kwi-AfriForum u-Ernst Roets, uthi baziswe lezi zindaba bebhalelwe incwadi.

"Incwadi ibiyimpendulo esikhalazweni esafakwa yi-AfriForum, ikhala ngendlela uMthethwa aziphatha ngayo ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wabasemapulazini, owabe ungomhla lulunye kuDisemba 2012.

URoets uthi uMthethwa wathi imashi ayikho emthethweni, phezu kokuthi babekade belitholile ilungelo lokubhikisha.

"Ungqongqoshe washaya indiva isinqumo senkantolo esabe sigunyaza umbhikisho. Kwathunyelwa amaphoyisa ukuthi ayoqinisekisa ukuthula nokuphepha."

Inhlangano ithi uMthethwa wazama ukuvimba umbhikisho ekutheni uqhubeke.

Umkhulumeli kaMadosnela uKgalalelo Masibi, ukuqinisekisile ukuthi uMadonsela uzophenya ngalolu daba.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...