Kungase kudedelwe iziboshwa ezidonsa odilikajele

2013-02-05 16:41

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezokuHlumeleliswa kweziMilo uSibusiso Ndebele, ucubungula izicelo zikashwele zeziboshwa ezilinganiselwa ku-300, ezagwetshwa odilikajele.

"Kusukela mhlaka-22 Disemba, uNgqongqoshe uNdebele umatasa nalolu hlelo lwezicelo zeziboshwa ezingu-348," kusho iPhini likaKhomishana wezamaJele uJames Smalberger.

UMnyango uthi izicelo ziqala zibhekwe yikomidi langaphakathi, bese zidlulelela ebhodini lezamajele, ziye kwabe National Council on Correctional Services (NCCS) bese zibhekwa nguNdebele.

UJaji uSiraj Desaim, ungusihlalo webhodi elinamalungu amanye angu-17, ahlanganisa osolwazi, odokotela bengqondo, abameli, odokotela kanjalo nosonhlalakahle.

"UMnyango wezamaJele uphoqwa ngumthetho ukuthi udedele ezinye iziboshwa ngoshwele, ushwele awusilo ilungelo koboshiwe, nokho kunezinto eziyaye ziholele ekutheni ukhishwe.”

 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...