Kungase kuchitheke igazi eMangaung - Umhlaziyi
2012-11-21 14:05
Johannesburg - Izimpawu zokuchitheka kwegazi ezibonakala emagatsheni e-African National Congress zingase ziphinde zibonakale futhi uma iqembu lihlangana emhlanganweni wokuqokwa kobuholi eMangaung, kubika izindaba ze-Eyewitness News.
Imihlangano yeqembu ezifundazweni iphelezelwe yizehlakalo ezinokuchitheka kwegazi.
Umhlaziyi wezombusazwe uSomadoda Fikeni uthi lokhu kusengabonakala naseMangaung.
Kuthiwa ngenxa yezehlakalo ezinodlame, omunye oweseka iSekela likaMengameli uKgalema Motlanthe, useye ekubhaceni, kulindeleke ukuthi kuqiniswe kakhulu ezokuphepha engqungqutheleni yangenyanga ezayo.
Ezahlakalweni zodlame ezibonakele zihlanganisa ukuphazanyiswa komhlangano wokuqokwa kobuholi, obubanjelwe eKurhuleni, kuthiwa amalungu ayefuna ukuphakamisa igama likaMotlanthe.
EVereeniging nakhona kwabikwa izehlakalo zokuphazanyiswa komhlangano, umhlangano wokuqokwa kobuholi wango-2007, wagxekwa ngokuba namalungu angalawuleki.
“Nakanjani ziyoba khona izehlakalo zokungaziphathi ngendlela kwamalungu, njengoba kwabonakala nasePolokwane – Uma lokho bengakulawuli, kungenzeka kubanjwanwe ngezandla."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24