Kungase kube akaRasuge amathambo

2012-03-21 07:47

Pretoria - Amathambo omuntu atholakale kumbiwa emzini wesoka lephoyisa elabulawa uFrancis Rasuge, kungase kube ngawakhe.

NgoLwesibili amaphoyisa asePitoli athe kutholakale amathambo omuntu ngesikhathi kumbiwa emzini kaWilliam Nkune, owagwetshwa udilikajele ngecala lokubulala uRasuge.

Okhulumela amaphoyisa uKatlego Mogale uthi amathambo atholakele, abehambisana nogebhezi lwekhanda lomuntu.

UNkune wagwetshwa ngonyaka ka-2005 kodwa isidumbu sikaRasuge besingakaze sitholakale.

"Okwamanje angeke saqinisekisa ukuthi amathambo atholakele awomuntu wesilisa noma wesifazane, silindele imiphumela yokuhlolwa kwawo," kusho uMogale.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

I-EFF nayo isikhale ngoMbete

2014-09-16 18:40
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C High level clouds. Warm. PE: 16-23°C Light rain late. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...