Kunezezelwe awokubulala kwabama-ATM

2013-01-23 10:04

Pietermaritzburg - Liyiswe eNkantolo yesiFunda eMgungundlovu icala lamadoda ayisishiyagalolunye asolwa ngohide lwezigameko zokuqhunyiswa kwama-ATM KwaZulu-Natal, ukuze kunezezelwe amacala ababekwe wona, nokubalwa amabili okubulala.

Kwaboshwa amadoda ayishumi ngokubhonjwa kwale mishini yemali, kodwa lihoxisiwe icala loyedwa ngesikhathi kulalelwe imininingwane yecala eNkantolo yeMantshi yaseHowick njengoba bekungekho ubufakazi obumyamanisa nalezi zigameko.

Laba basolwa abayisihiyagalolunye, abaseminyakeni ephakathi kuka-20 no-40 ubudala, basolwa ngokuzama ukubulala uTafadwa Chapwanya, nowayehlala ngaphesheya komgwaqo lapho kukhona khona i-ATM yaseFNB kuNottingham Road, nekusolwa la basolwa ngokuyiqhumisa ngoSepthemba.

Wadubuleka esiswini engaphakathi emzini wakhe.

Baphinde babekwa elokuzama ukubulala u-Alex Zondi, nowadubuleka emlenzeni ngesikhathi ehamba ngemoto yakhe kuqhubeka isigameko sokuqhunyiswa kwe-ATM eHowick.

Kuthiwa bahamba nemali elinganiselwa ku-R600 000 ngesikhathi benza lezi zigameko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Light rain early. Morning clouds. Mild. Pta: 14-27°C Showery. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 10-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. PE: 13-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...