Kunesidingo sokulungiswa kweNkandla - Maharaj
2012-10-02 12:02
Durban - Ikhaya
likaMengameli uJacob Zuma eliseNkandla lindinga ukulungiswa ukuze abasebenzi
bakhe kanye nezivakashi bakwazi ukuhlala khona, kusho oyisikhulumi sakhe uMac
Maharaj.
"Kumele
kwenziwenjani uma evakashelwa nguMengameli uBarack Obama noma abanye abaholi
base-Afrika? Ngeke ubahlalise emahhotela,” ucashunwe esho kanje kwi-The
Telegraph Online yase-UK ngoLwesibili.
"Bahlalaphi
onogada baNdunankulu uDavid Cameron uma yena esendlini yakhe? Abasebenzi
bezempilo nonogada bakaMengameli uZuma bahlala ngaphakathi, kodwa ngeke phela bese
nabo behlala endlini eyodwa nomndeni wakhe.”
Empeleni
umengameli akumele kulindelwe ukuthi kube nguyena okhokhela izindawo zokuhlala
onogada nezivakashi zakhe, esqhuba.
Iphephandaba
iCity Press libike ukuthi kuzosetshenziswa u-R203 million wabakhokhibentela ukulungisa
umuzi wakhe, kanti uZuma uzokhokha u-5% nje kuphela kuleyo mali -- engaba
ngapha nje kuka-R10 million.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA