Kunesidingo esikhulu sezempilo eGauteng

2012-03-14 16:37

Johannesburg - Undunankulu esifundazweni saseGauteng uNomvula Mokonyane, uthi sikhulu kakhulu isidingo sezempilo esifundazweni, esho ngoLwesithathu.

"Abantu abasuka eNorth West, eFree State kanye naseMpumalanga bathutheleka ngamabhasi bethunyelwa esibhedlela iBara," kusho uMokonyane ngesikhathi ekhuluma evakashe esibhedlela iChris Hani Baragwanath, eningizimu neGoli.

UNdunankulu uhambele lana ukuzovula ngokusemthethweni igumbi lokubelethela.

"Sibona omama abangaphezu kuka-90 ngosuku...kumele leli gumbi likhuliswe."

UMokonyane uqale uhambo lwakhe ngokuhambela elokishini i-Eldorado Park, uhambele umtholampilo wendawo kanjalo namakhaya abantu.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubulawe ababili kwezokuphanga eGauteng

Emizuzwini eyi-9 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-28°C Sunny. Warm. Pta: 14-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-23°C High level clouds. Mild. Bloem: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 17-21°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...