Kunendida ngesiteleka samatekisi eThekwini

2012-07-25 10:07

Durban -  Amakhulu abagibeli bamatekisi basale bedinga ezindaweni ezakhalene neTheku nakhona edolobheni ngenxa yokuthi amatekisi awabonwa nangokhalo kwezinye izindawo, kubika iNewswatch.

Kube nemibiko yokuthi awekho amatekisi ePhoenix, eNanda, naseMlazi naseNewlands East.

Kuthiwa idlanzana nje labashayeli abasebenzayo enkabeni yedolobha.

Abanikazi bamatekisi nabashayeli bazibandakanye emashini ebheke eMgungundlovu.

Bakhala ngohlelo lukahulumeni lokufuna ukushaqa amatekisi abo ngaphansi kohlelo olusha i-TRT kodwa abatshelwa ngokuzohlomulisa bona.

Uthisha uZama Mzoneli, nogibela amatekisi KwaMashu, uthe ulinde isikhathi esingangehora esitobhini kodwa kungekho matekisi.

Kwezinye izindawo amatekisi kubikwa ukuthi asebenza njengenjwayelo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 18-28°C Showery. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 17-24°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...