Kunconywe isigwebo sowelobhejane

2012-11-09 16:38

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezobuLungiswa uJeff Radebe, wamukele isigwebo seminyaka engu-40 esinikwe indoda edabuka eThailand, elahlwe yicala lokushushumbisa nokuzingela obhejane, kusho okhulumela uMnyango uMthunzi Mhaga.

"UNgqongqoshe uJeff Radebe ushayele ihlombe abeNational Prosecuting Authority kanye nabezomthetho, ngokukhishwa kwalesi sigwebo,” kusho umyalezo kaMhaga.

"Ukuzingelwa kobhejane kanye nokushushumbiswa kwezimpondo zabo kubhincisela nxanye uhulumeni, ezemvelo kanjalo nomnotho wezwe.”

UChumlong Lemtongthai uvume icala ngaphambi kweMantshi eNkantolo yaseKempton Park, lona nethimba lakhe kukholakala ukuthi bazingela okungenani obhejane abangu-26.

Bangaphezu kuka-500 obhejane asebebulewe kuleli kusukela kuqale unyaka.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...