Kumkhulule ukuphela kwecala u'Zapiro'

2012-10-29 12:09
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umdwebi wopopayi uJonathan "Zapiro" Shapiro usekhululekile ngoba umdonsiswano obusenkantolo phakathi kwakhe noMengameli uJacob Zuma usuphelile, usho kanje ngoMsombuluko.

"Lokhu kungumphumela omuhle kwezokubeka noma ngabe yini oyifisayo ngendlela yakho nangokuphawula," usho kanje ekhuluma ngocingo eseKapa.

Ummeli wabezindaba uDario Milo uthe icala lihoxiswe ngokusemthethweni ngoMsombuluko ekuseni.

UShapiro, ozibiza ngo"Zapiro", uthe ubelangazelela ukubonisa lokho akubona njengokubalulekile ekwenza ngomdwebo kusukela afakelwa isimangalo kwathiwa kumele akhokhe u-R5m beneSunday Tomes ngoDisemba 2008.

Kodwa muva nje ithimba elimele uZuma linqume ukwehlela ngezansi. Imali yehliswa yafinyelela ku-R4 million, lahoxiswa elokudicilela isithunzi.

UZuma wabe eseyehlisa imali wafuna u-R100 000 nokuba axolise, ngaphambi kokuba lihoxe ngokuphelele icala.

UShapiro uthe isinqumo sikamengameli asisho ukuthi usezoshintsha ukusebenza.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 15-25°C Mostly sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...