Kumiswe umphathi esibhedlela iGeorge Masebe

2013-01-10 15:02

Johannesburg - Sekumiswe isikhulu esiphezulu esibhedlela saseLimpopo iGeorge Masebe hospital, la kushone khona izingane ezincane ezine, kusho uMnyango wezeMpilo esifundazweni.

"Siyazi ngokumiswa emsebenzini kwemenenja, asikabi nemininingwane egcwele. Okwamanje sisalinde umbiko ovela ehhovisini lesifunda,” kusho okhulumela uMnyango uSnenhlanhla Gumede.

Izingane ezincane ezine zashona ngoLwesihlanu, ngesikhathi zikhishwa yizisu futhi ziphalaza.

Ngesikhathi kwenzeka lokhu, kuthiwa kwakungekho dokotela okhona esibhedlela, bonke kuthiwa babesekhefini lamaholidi kaDisemba.

UNgqongqoshe woMnyango eLimpopo, uNorman Mabasa, uphakamise ukuthi kuphenywe ngokuya elivini kodokotela ngesikhathi esifanayo, ukushona kwezingane kulesi sibhedlela kugxekwe ngabenyunyana iNational Education, Health and Allied Workers' Union.
 


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...