Kumiswe ukufunda e-DUT

2013-02-05 14:02

Durban - Kumisiwe okwesikhashana ukufunda esikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology, lokhu kuza ngemuva kokuthi abafundi bebambe umbhikisho onodlame ngezithuba zasekuseni, kubika iNewswatch.

Okhulumela i-DUT u-Alan Khan uthi amaphoyisa abizelwe esikhungweni i-Indumiso Campus, eMgungundlovu, la khona abafundi abanodlame bengene khona ngodli esitolo esingaphakathi esikoleni.

UKhan uthi kuqashwe ngeso lokhozi esikhungweni esiseThekwini.

"Sikholwa wukuthi kube nokunye ukubhikisha ngaphandle kwesikhungo iRitson Campus, ngaseCurries Fountain. Abafundi babhikishe ngezikhathi zasekuseni, sithole umbiko othi amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza abafundi."

Kumanje abaphathi besikhungo baphezu kwezingxoxo nenhlangano emele abafundi.

Kukholakala ukuthi umbhikisho uphathelene nezinto ezithinta izimali zokufunda, nokho-ke uKhan uthi isibonelelo esingu-R234-million sesivele sicazelwe abafundi abangu-9 000.

Ukufunda kubhekeke ukuthi kuqhubeke ngoLwesithathu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...