Kumiswe amakilasi e-DUT

2013-02-28 12:06

Durban - I-Durban University of Technology (DUT) isikumisile ukufunda kulandela ukwesatshiswa nokuphazamisa ukufunda, kusho isikhungo ngoLwesine.

Okhulumela inyuvesi u-Alan Khan uthe isiteleka siqale ngoMsombuluko kanti besinokuthula ngesikhathi kuqala isonto.

Uthe abasebenzi abatelekile bangene emakilasini basabisa abanye abasebenzi nabafundi.

"Ngenxa yokubhekelela ezokuphepha kwabasebenzi kanye nabafundi sesinqume ukuba sikumise ukufunda kuze kube uMsombuluko,” kusho uKhan.

Izinyunyana ezintathu-- iNational Education Health and Allied Workers Union, iNational Tertiary Education Union (NTEU) of South Africa, kanye neTertiary Employees National Union of South Africa – zifuna kunyuswe amaholo ngo-13%.

I-DUT yona ngakolunye uhlangothi ibeka isiphakamiso sika-6% etafuleni kanye no-1.5% wemihlomulo.

UKhan uthe cishe u-70% wemali engenayo yesikhungo isitshenziselwa emaholweni abasebenzi, njengoba ingaphezulu kuka-58 % kuya ku-63% uma kuqhathaniswa namanye amanyuvesi ezweni lonke.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...