Kumiswe abafundi 'abebefikisa' omunye

2013-02-04 10:01

Cape Town - Kumiswe abafundi abayisikhombisa ehostela lesikole samabanga aphakeme eWestern Cape ngemuva kokuthi ukufikiswa komunye umfundi kugcine sekumngenise egumbini labagula kakhulu esibhedlela, kubika iCape Times ngoMsombuluko.

La bafundi baseYork High School, eGeorge, bazobhekana nokuqondiswa kwezigwegwe ngoLwesibili.

U-Andrew Searle, 14, washaywa ekhanda ngoLwesibili wase ephuthunyiswa esibhedlela.

Ubaba wakhe uSean Searle uthe kwangena abafundi lapho kulalwa khona, nalapho kwakulele khona indodana yakhe, bamshaya emlenzeni nasekhanda.

"Lokhu abebekwenza kuthiwa ukugasela emadomi, kufikiswa abafundi abasha," kusho uSearle.

USearle usalulama esibhedlela.

Ngokombiko, umndeni unqume ukungalivuli icala, wathi lokhu "okwenzekile kube yibhadi".


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. Pta: 10-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...