Kuminze isitshudeni olwandle lwaseKapa

2012-10-18 07:41
Yabelani Shicilela

Cape Town - Kugwilize umfundi wasekolishi ebhishi laseClifton ngesikhathi bezikhiphe nesikole, kusho abethimba lezinhlekelele eKapa.

Okhulumela leli thimba uWilfred Solomons-Johannes uthe leli bhungu, 24, beliyingxenye yezitshudeni zaseRosebank Progress College abezizikhiphele kule ndawo.

Akucaci kahle ukuthi ugwilize kanjani.

USolomons-Johannes uxwayise labo abahamba ibhishi ukuthi imimoya emikhulu nolwandle olunamandla lukwenza kube yingozi ukubhukuda.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 13-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 11-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-22°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 12-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...