Kuminze isalukazi edamini ePaarl
2012-12-25 12:02
Johannesburg - Kugwilize owesifazane osekhulile edamini elingasePaarl, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesibili.
Abosizo lokuqala bathole lo wesifazane entanta edamini elingasemgwaqeni phakathi kwePaarl neNewtown ngabo-09:30, kusho okhulumela abe-ER 24 uVanessa Jackson esitatimendeni.
"Ube esekhishelwa ngaphandle kwatholakala ukuthi useshonile," esho.
Kuzophenywa ngokuthi yini eholele ekutheni lo wesifazane agwilize.
UJackson uqhube ngokuthi kucishe kwagwiliza abafana ababili eRandburg, ngaseGoli, ngoLwesibili ekuseni.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA