Kuminze ababili e-E Cape
2012-12-24 12:28
Johannesburg - Kuminze
abantu ababili edamini lepulazi ngaseJoubertina ezehlakalweni ezahlukene
ngempelasonto, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.
"UBooi
Kadank, 62, uminze ngesikhathi eyobhukuda nabangani bakhe edamini eBlack Ginger
Farm eTwee Riviere," kusho uLieutenant Colonel uPriscilla Naidu ngesigameko sokuqala,
esenzeke ngoMgqibelo.
"Ujoyine
abangani bakhe emanzini ngemuva kokubabuka isikhathi eside bebhukuda.”
UNaidu
uthe ngesikhathi engena lapho okushona khona edamini, uthole ubunzima
wabe eseminza.
Esehlakalweni
sesibili, owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala uminze edamini elise-Applekloof
Farm eLouterwater ngoMgqibelo ntambama.
Uyekobhukuda
ehamba nomndeni wakhe, kodwa kuthe uma efika maphakathi nedamu wehluleka
ukubhukuda, waminza.
Isidumbu
sakhe sitholakale ngeSonto ekuseni.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA