Kumile ukufunda esikoleni e-E Cape
2013-02-28 07:45
Johannesburg - Bekungafundwa kusukela ngesonto eledlule eWongalethu High School eMdantsane, eEastern Cape, ngokusho kombiko wangoLwesine.
IDispatch Online ibike ukuthi othisha babaleke bashiya isikole ngesonto eledlule, ngoLwesithathu, ngenxa yokwesabela impilo yabo ngesikhathi kunesiteleka sabafundi.
Abafundi baka-Grade 12 yibo abaqalise isiteleka ngemuva kokuba uthisha obefundisa iMaths eyiswe kwesinye isikole esisondelene nesabo, bafuna ukuba abuyiswe.
"Sikhathazekile ngoba ezinyangeni ezimbalwa kuzobhalwa izivivinyo futhi kungenzeka sifeyile ngoba asinaye ithisha weMaths," kusho oyinhloko yeLRC, uLukhanyo Booi.
"Siyaphoqeleka ukuba sihlangane nalo thisha owayesifundisa uma sekuphume isikole ukuze asifundise."
OnguMqondisi eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni uSihle Mnguni uthe kuhlelwe umhlangano nothisha, abafundi nomkhandlu owengamele isikole.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA