Kumele umhlaba uqaphele i'White Widow' - Kenya

2013-09-27 08:37

London - Ngemuva kokuthi abenhlangano yamaphoyisa emhlabeni bekhiphe isixwayiso, uthungathwa umhlaba wonke owesifazane waseBrithani owaziwa ngele "White Widow", nekukholakala ukuthi uyiphekula.

Lona usolwa ngokuba yingxenye yalaba abahlasele enxanxatheleni yezitolo eKenya, kwabulawa abantu abaningi.

USamantha Lewthwaite, 29, ukhonza enkolweni yamaSulumane, wayeshade noGermaine Lindsay, owaziwayo ukuthi uyiphekula nowazibulala ngokuziqhumisa ngebhomu washona kanye nabanye abangu-52.

Lesi sehlakalo senzeka eLondon, mhlaka-7 Julayi 2005.

Abe-Interpol bakhiphe isitatimende becelwa yiKenya, bexwayisa umhlaba wonke ngalona wesifazane ongumama wabantwana abathathu.

Kukholakala ukuthi u"White Widow" uqale ukwenza imikhuba yakhe ngoDisemba ka-2011.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...