Kumele kukhunjulwe abadlwenguliwe - Izinhlangano

2013-02-14 16:25

Johannesburg - Izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, zifuna uMengameli uJacob Zuma aqale uhlelo lwakhe lokuvula iPhalamende, ngokuthi kube nomzuzu wokuthula kukhunjulwe bonke abasefazane abadlwenguliwe.

"Lokhu kubalulekile, siyacela uMengameli uZuma akhumbule bonke abesifazane abayizisulu zokudlwengulwa kanye nodlame lwasemndenini," kusho okhulumela inhlangano iSonke Gender Justice Network, uMicheline Muzaneza.

Izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, izinhlangano zezenkolo kanjalo neCongress of SA Trade Unions, bahlangane eGoli, kwadingidwa ngezinhlelo ekumele ziqalwe kuze kuzoliwa nalesi sihlava.

Okhulumela inhlangano iSection27, uThabang Pooe uthi inhlangano iphezu kwezinhlelo zokuhlomisa amantombazane asemancane ayizisulu zokudlwengulwa.

"Sikhathazekile ngezehlakalo zokudlwengulwa kwamantombazane asemancane afunda isikole. Izinhlelo zizoba ngokuthi kumele kwenziwe njani uma lesi sehlakalo sesenzekile."

UNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi, uthi kuyakhathaza ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane okuqhubekayo.

"Ziyakhathaza izehlakalo zodlame eziqhubeka emiphakathini yethu...lento ayikho ngokudlwengula kuphela, abanye bayalinyazwa kanzima."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...