Kumele kube nokuthula emapulazini - Uhulumeni

2013-01-07 15:04

Johannesburg - Abasebenzi basemapulazini kudingeka babe nokuthula uma sekuqala isiteleka kuleli sonto, kusho okhulumela uhulumeni uPhumla Williams ngoMsombuluko.

"Nakuba abasebenzi benelungelo lokuteleka uma bekhala ngamaholo nezimo zokusebenza, bayacelwa ukuba bangabi nodlame futhi bangasabisi abanye abasebenzi noma umphakathi ngobubanzi bawo,” usho kanje esitatimendeni.

"Uhulumeni ngeke ayibekezelela eyodlame ngakho ucela zonke izinhlaka ukuba zizame ukufinyelela esivumelwaneni.”

UWilliam uthe uhulumeni uyazi ngesiteleka esihleliwe sabasebenzi basemapulazini, kulandela umhlangano obuseDe Doorns, ngeSonto, nothanyelwe abasebenzi abangaphezulu kuka-1500.

"Uhulumeni ucela izakhamizi ukuba zisebenzise amalungelo azo ngokuthi ziteleke ngokuthula, zibe nesiteleka esisemthethweni esihambisana nomthetho.

UNobhala weCongress of SA Trade Unions esifundazwneni uTony Ehrenreich uthe ngoLwesihlanu abasebenzi basemapulazini bazongenela isiteleka kuleli sonto, kulandela ukungaphumeleli kwezingxoxo zamaholo phakathi kwe-Agri SA nohulumeni.

"Sesikulungele ukuqala isiteleka ngoJanuwari 9, 2013,” kusho u-Ehrenreich.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bazoliphika icala abasolwa ngokubulala

Emizuzwini eyi-7 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 2-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 8-22°C Sunny. Mild. PE: 13-17°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...