Kumele ihlakazwe i-NYDA - Intsha ye-DA
2013-01-30 16:36
Johannesburg - Uphiko lwentsha eqenjini iDemocratic Alliance luphinde lwahlaba ikhwela luthi akuhlakazwe iNational
Youth Development Agency (NYDA), bese imali isetshenziselwa ezinye izinto.
NgoLwesibili, i-NYDA yacela ikomidi lePhalamende ukuthi liphindaphinde imali ekwanyelwa yona ,isuke ku-R1.08
billion iye ku-R376 million, kusho umholi we-DA uMakashule Gana.
"Phezu kokungasebenzi ngendlela kwe-NYDA, intsha ye-DA ikushayela ihlombe ukuchithwa kwesicelo. Sikholwa wukuthi kumele luhlakazwe lonke lolu phiko, kumele imali isetshenziselwe ukusiza abantu abasha bonke," kusho uGana.
Uma imali efunwa yi-NYDA ingasetshenziselwa uhlelo iYouth Wage Subsidy, ingaphezu kuka-10 162 imisebenzi engaphumelela.
"Lokhu ngabe kungukukhathalela izimpilo zentsha yazeNingizimu Afrika njengoba inhlangano igcwele amalungu e-ANC Youth League akhuthalele ukunothisa amaphakethe awo?" kubuza uGana
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).