Kumele alawulwe amathenda - Karodia
2012-07-18 07:48
Johannesburg - Lowo owajutshwa ukuba abhekelele uMnyango wezeMfundo eLimpopo u-Anis Karodia ucele uNgqongqoshe wezeziMali kuleli uPravin Gordhan ukuba kube nguye olawula ukukhishwa kwamathenda alo Mnyango, kusho umbiko ngoLwesithathu.
"Kungumbono wami ukuthi wonke amathenda angaphezu kuka-R1 million kumele alawulwe nguMnyango woMgcinimafa," kusho uKarodia embikweni awuhlanganisile.
"Lokhu kuzonciphisa izinga lokugxambukela."
UKarodia usole uNgqongqoshe wezeMfundo kulesiya sifundazwe, uDickson
Masemola, ngokuba nesandla emalini engu-R2.2 billion eyasetshenziswa budedengu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA