Kuliwa nokulova kwamasosha ePitoli

2012-11-30 12:03

Johannesburg - Ukulova kwabasebenzi elomkhulu lamasosha ePitoli sekuholele ekwenziweni komthetho omusha -- abasebenzi bavalelwa ngaphakathi ukuze bangakwazi ukuphumela ngaphandle kwamagceke, kubike iBeeld ngoLwesihlanu.

Lo mthetho uqale ukusebenza kuleli sonto, kanti iziphathimandla zizowusebenzisa uma nje zibona kubalulekile ukuthi amasosha agcine isikhathi sokusebenza.

Ngokusho kwalo mbutho wamasosha akukho okubi ngalo mthetho, "sekuyisikhathi sokuba senze okufanele".

Lo mthetho omusha uze ngemuva kwezikhalazo zokuthi kusuke kukhala ibhungezi ngoLwezithathu nangoLwezihlanu ntambama emahhovisi.

Abasebenzi kubikwa ukuthi bebexhaphaza umthetho omdala ovumela amasosha ayingxenye yezemidlalo ukuba bayobamba iqhaza kuyona ngokuthola imvume.

Kutholakale ukuthi iningi labantu abahambayo ngoLwezithathu basuke bengabambi nelincane iqhaza kwezemidlalo.

Iminyango yokuphuma yebhilidi iyavalwa ekuseni ize ivulwe ntambama ngo-16:00.

IBeeld ibike ukuthi ngo-16:00, kusuke sekugcwele esangweni kubangwa ukuphuma kuqala, njengoba abasebenzi besuke bezoseshwa ngonogada kuqala ngaphambi kokuba baphume, ngenhloso yokugwema ukwebiwa kwempahla kahulumeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered clouds. Mild. Pta: 17-25°C a few tstorms. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-18°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-21°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-24°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C Showers early. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...