Kuliwa neyamalayisensi angumbombayi eKZN

2013-01-29 12:02

Durban - Izikhulu zoMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal zizosebenzisana nezikole ezikufundisa ukushayela nabahlolela ukushayela ezikhungweni ukukhuculula inkohlakalo yokukhishwa kwamalayisensi angumbombayi.

Okhulumela uMnyango uKwanele Ncalane ubekhuluma neNewswatch kulandela ukuboshwa kwabasolwa abane eMlazi, eningizimu neTheku, ngesonto eledlule.

Amaphoyisa aphinde ashaqa i-laptop ne-printer, nokukholakala ukuthi kusetshenziselwa ukugaya amalayisensi angekho emthethweni.

Abasolwa basolwa ngokwamukela u-R11 000 ukuze bakhiphe ilayisensi engumbombayi.

UNcalane uthi ithimba leli lihlangana njalo ukuzama ukulwa nalo mkhuba.

"Lo mkhuba yiwo oba nesandla ezingeni eliphezulu lezingozi esifundazweni ngoba kuthathwa abantu abangazi lutho ngokushayela banikezwe izincwadi."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...