Kulindelwe isinqumo ngeMcCord
2013-01-29 12:02
Durban - Uhulumeni waKwaZulu-Natal kulindeleke ukuthi enze isimemezelo ngekusasa lesibhedlela iMcCord, ekuthiwa singase sivalwe kungekudala.
Lesi sibhedlela sineminyaka engu-103 saba khona.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo esifundazweni uSbongiseni Dhlomo, ukhulume wathi abakafinyeleli esivumelwaneni nesibhedlela.
Abaphathi besibhedlela bamemezela ukuthi singase sivale njengoba singeke sisaluthola uxhaso lukahulumeni, olulinganiselwa ku-70 million.
Ngesonto eledlule iNhloko yoMnyango uSibongile Zungu, naye waqinisekisa ukuthi akukakhulunywa lutho ngoxhaso lwalesi sibhedlela esinemibhede engu-142.
Khonamanjalo, isibhedlela iKing George V, esavulwa ngo-1939, silungiswe kabusha kusetshenziswa imali ebalelwa ku-R1.1 billion.
Isibhedlela kuthiwa sinakekela iziguli ezilinganiselwa ku-700 000.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA